                       
                                   UPhawu lezwe olusha lweNingizimu Afrika
   isiZulu

              Umdwebo nokumelwe uPhawu lwezwe olusha
  Afrikaans
              UPhawu lwezwe lunochungechunge lwezinto ezihlelwe zakha iziyingi ezimbili ezibekwe
   English    ngendlela yokuthi okunye kuphezu kokunye.

              Isiqubulo  -  !ke  e: /xarra  //ke , sibhalwe  ngolimi  lwabathwa besizwe  sabantu
  IsiNdebele  okuthiwa i-/Xam.  Lesiqubulo sichaza ukuthi: ukubumbana  kwabantu abahlukahlukene.
              Lokhu lowo nalowo mzamo wokuhlanganisa isenzo nomcabango kube yinto eyodwa. Kubiza
              isizwe, kuthi  masihlangane  sonkana sibe  nomqondo ofanayo  wokuzwana futhi  sibe
    Sepedi    nokuziqhenya    ngobuzwe    baso.   -    ubumbano    ekwahlukahlukaneni    kwethu.

   Sesotho    Amazinyo endlovu  - amele  ubuhlakani, amandla,  ubumnene kanye  nobungunaphakade.

   Setswana   Ukolo  -  esiyingini  esakhiwe ngamazinyo  endlovu  -  ukolo  umele  ukunonophala,
              ukukhula  nokuthuthuka  okunokwenzeka, ukondleka  kwabantu  kanye  nezinye  izinto
   SiSwati    eziqondene nozolimo.

  Tshivenda   Ihawu - Ukwakheka kwehawu legolide kusasigubhu. Linemisebenzi emibili: ukukhombisa
              ubuqobo kanye nokuvikela ngokomoya.

   Xitsonga   Imidwebo  yabantu   -   ithathwe  kwimidwebo   esetsheni  lika-Linton.   Lemidwedo
              iyisibonelo se-South African  Rock Art, njemgamanje lelitshe  ligcinwe eMnyuziyamu
   IsiXhosa   yaseNingizimu  Afrika ese  Cape  Town.  Ngokomlando, isizwe  samaKhoyisani  saziwa
              njengesizwe esidala kunazozonke izizwe eNingizimu Afrika. Izithombe zime ngendlela
              yokubingelela, okukhombisa  ubumbano. Lokhu futhi  kusho ukuqala koguquko  kumuntu
              nomuntu ukuthi abe nomqondo obanzi wokuba ngowesizwe kanjalo ukuhlangana kweSintu.

              Umkhonto nehawu - lokhu kokubili kumele  ukuvikeleka kanye nobuphathimandla. Futhi
              kumele  imilenze  enamandla  okungeyenyoni  intinginono.  Umkhonto  newisa  kulele
              phansi, okumele uxolo.

              Isiqalaba sentaba  (imbali  yeProtea) -  isibonalakiso sobuhle  bezwe lethu  kanye
              nokuqhakaza   okunokubakhona   ngokwamandla    ethu   njengesizwe   esinakashelele
              ukuvuselela  i-Afrika  -  ifanekisa  ukuhlangana  okuphelele  kwezinto  eziqhamuka
              enhlabathini, zibe futhi zikhuselekile nangaphezulu.

              Intinginono  -  esesimweni  sokundiza  -  ngokwemvelo  kukhumbosa  ukukhula  kanye
              nesivinini.  Lena inyoni  enamandla  kakhulu omilenze  yayo  - ibekwe  yafanekiswa
              nomkhonto  newisa   -   eyisiza  kakhulu   ekuzingeleni  kanye   nasekuzivikeleni.
              Iyisithunywa esivela  ezulwini futhi  yehlisele ubumnene  bayo bulapha  emhlabeni,
              ngalowo mqondo-ke  ingumfanekiso wobukhosi  basezulwini. Izimpiko zayo  eziphakeme
              zibonakalisa  ukuphakama kwesizwe  sethu,  okuhambisana nokusinikeza  ukuvikeleka.

              Ilanga eliphumayo  - isibonakaliso sokugqama kanye  nobukhazikhazi. Kungumfanekiso
              wesethembiso  sokuzalwa  kabusha,  amandla  abhidlangile  okucabangisisa,  ulwazi,
              ukuthatha isinqumo esiyiso kanye nokuzimisela okukhulu. Kuyisibonakaliso somthombo
              wempilo, wokukhanya kanye nokuphelela kweSintu okuphelele.

              Isakhiwo esiphelele soPhawu lwezwe sihlanganisa ingxenye engenhla nengezansi yakhe
              isiyingi okufanekisa  ingunaphakade. Ukuhlangana konqenqema  lombhalo olungezansi,
              namazinyo endlovu, nokomkhathizwe okuqhamuka kuwo ilanga  likhuphuke, kwakha isimo
              seqanda okuqhamuka kulo  intinginono. Lomfanekiso unomqondo osho  ukuzalwa kabusha
              ngokomoya kwesizwe sethu esikhulu futhi esinobuqhawe.

              Luyini lolu Phawu olusha lezwe na?

              UPhawu lezwe lungumfanekiso  ophezulu kakhulu likaHulumeni wezwe.  Luba khona kuwo
              wonke   amaphepha   kahulumeni  asemthethweni   afana:   nezincwadi   zokuvakasha,
              ezitifiketini zokuzalwa,  zokushada, zokufa  nezesikole. LoluPhawu olusha  lungena
              esikhundleni soPhawu oludala obelusebenza eNingizimu Afrika  kusukela ngomhlaka 17
              Septhemba 1910.  Lokhu  kukhombisa inhloso  kahulumeni  yokugqamisa umbuso  omusha
              wentando    yeningi    eNingizimu   Afrika    kanye    nothando    lezwe    lethu.

              Ukukhethwa komfanekiso wophawu lezwe

              Ngonyaka odlule,  umnyango  wezobuCiko, amaSiko,  iSayensi nobuChwepheshe,  wacela
              kubantu  baseNingizimu Afrika  ukuba  bathumele  imiqondo yophawu  lwezwe  olusha.
              Imiqondo  eyathunyelwa   yasetshenziswa,  yahlanganiswa  nalokho   okwabe  kufakwe
              yiKhabhinethi, kwaba sekubhalwa izinto ezizoba ingxenye  yaloluphawu lezwe olusha.
              I-Government   Communication  and   Information   System   [GCIS])  yabe   isicela
              abakwa-Design South Africa - okuyinhlangano emele zonke izimpiko ezidwebayo ezweni
              lonke - ukuthi  icele abayishumi babadwebi abaseqophelweni  eliphezulu. Kwakhethwa
              abadwebi  abathathu  ukuthi  bethule  imiqondo  yabo  kwiKhabhinethi.  Umdwebo  ka
              Mnumzane  u-Iaan  Bekker iwona  owakhethwa  ukuba  usetshenziselwe  uPhawu  lwezwe
              olusha. UMnu.  Bekker ungumqondisi we-FCB  Group futhi usedwebe  inqwaba yemidwebo
              eyizinkombisa yezinhlangano ezizimele kanye nezi kahulumeni.

              Lolu Phawu lezwe olusha lukhuthaza i-Batho Pele

              Igama elithi  Batho Pele  liwumushwana wesi Suthu ochaza  ukuthi 'Abantu  kuqala',
              okubophezelela  abantu  baseNingizimu  Afrika ukuthi   mabasenzele   bonke  abantu
              baseNingizimu  Afrika.  Ukubaluleka  nemimiso-migomo  ye- batho  Pele  uyisisekelo
              soPhawu lwezwe. Ngomhlaka 1 Okthoba 1997, abasebenzela uhulumeni baqala umkhankaso
              we- Batho Pele  ababehlose  ukuwusebenzisa  ukwenza ngcono  izinsiza  abaziphakela
              umphakathi.

              I-Batho Pele imayelana nokuzinikela kulokhu okulandelayo:

                 * Ukubonisana ngezinga nobuqotho bezinsiza
                 * Ukumisa amazinga okusebenza achaza ngobunqala bezinsiza okufanele zilindeleke
                 * Ukwandisa ukutholakala kwezinsiza ikakhulukazi kulabo abanomlando
                   wokukhinyabezeka
                 * Ukuqinisekisa amazinga okuhlonipha asezingeni eliphakeme ngokulandela
                   amazinga abekiwe okuphatha amakhasimende
                 * Ukuphakela ulwazi oluningi nolungcono ngezinsiza ukuze amakhasimende abe
                   nolwazi olufanele
                 * Ukwandisa ukubonakala nokuphumela obala mayelana nendlela okuwenziwa ngayo
                   leyo misebenzi
                 * Ukulungisa amaphutha ukuze izinkinga zixazululwe noma zilungiswe ngendlela
                   eyakhayo
                 * Ukwenza umsebenzi omuhle kangangemali nemali ekhokhiwe ukuze amakhasimende
                   abone ukuthi imali yawo yentela isetshenziswa ngendlela eyiyo neyimpumelelo.

              Sidinga  ukuthi  sisebenze  ngokuhlanganyela,  njengohulumeni  nomphakathi,  ukuze
              imimiso-migomo ye- Batho Pele ibe  yinto ekhona nesebenzayo  esizweni esisebenzela
              impilo engcono.




